Izithakazelo

Thwala

Izithakazelo Zakwa-Thwala Thwala!Msani!Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu,Mgobhozi, Ntetha, Vangisa,Mvuna, Mageza Ngobisi…MqadiMbuyisa, Hlobose, Nobela,Sosingathi, Jakaja…MpofanaNtombela, Zulu…MpanzaThabekhulu, Sandanezwe, Nongalo,Mavundla, Siwela, Dubandlela,Soyikasi, Mzingane, Donda…MothaMvulane, Nyamande, Thwala…

Izithakazelo

Zuma

Izithakazelo zakwa-Zuma Nxamalala,Mdlovu,Mafahleni,Nina baka Lugaju kaMatomela KaShisa,Mashingizela ashiye impi yakhe,Dwala elibushelelezi,Maphum’ephethe inyama ngala, amasi ngapha nobukhosi amasi ngapha nobukhosi phambili!

Izithakazelo

Zulu

Izithakazelo zakwa-Zulu Ndabezitha,Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,Zulu omnyama ondlela zimhlophe,Wena kaPhunga noMageba,Wena kaMjokwane kaNdaba, Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,S’thuli sikaNdaba,S’thuli sikaNkombane,Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,Wena kaMbambelashoba,Ndabezitha!